Skip to main content
x

From The Desk of the President

Ngiyanibingelela Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,
 
Kusuka kwaqala uNhlaba, ngesikhathi siqala ukuxegisa kancane kancane ukuvalwa kwezwelonke ngenxa yegciwane le-corona, abantu abaningi sebeqalile ukubuyela emsebenzini.
 
Njengengxenye yesigaba sokufukula umnotho, izinkampani ezisezimbonini ezithile ezibaluliwe zikwazile ukuphinde ziqalise ukusebenza ezingxenyeni ezithile noma ukusebenza ngokuphelele.
 
Ukuqashwa kwegciwane le-corona kuzwelonke sekusesigabeni sesine, okusho ukuthi izinyathelo zokuzivikela ezinqala zilokhu zime ngomumo ukunqanda ukusuleleka komphakathi. Inhloso yethu ukwehlisa ngokuqinisekile isigaba ngokugcina izinga lokusuleleka liphansi nokulungiselela izinhlelo zethu zezempilo ukuthi zilungele amazinga ezigameko azokhuphuka ngokungenakugwenywa.
 
Ngesikhathi ukuvalwa kwezwe kulokhu kuxegiswa kancane kancane, impilo izobuya kancane. Kodwa ngeke kube impilo ebesiyazi phambilini.
 
Njengoba kusekuningi okungaziwa ngalolu bhubhane, ongoti manje bayavuma ukuthi igciwane lisazosabisa izimpilo zabantu emhlabeni jikelele isikhathi eside.
 
Ngakho-ke kumele sizilungiselele ukuqhubeka siphile naleli gciwane phakathi kwethu isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu.
 
Kumele sizilungiselele ukubhekana neqiniso elisha lapho ukulwa ne-COVID-19 kuzoba ingxenye yempilo yansukuzonke yokuphila kwethu.
 
Impumelelo yethu ekunqobeni igciwane le-corona izoma phezu kwezinguquko esizenzayo ekuziphatheni kwethu.
 
Nasemva kokuvalwa kwezwe – ikakhulukazi emva kokuvalwa kwezwe – sisadinga ukuqhelelana nabantu, ukugqoka izifonyo zobuso, ukuhlanza izandla njalo, nokugwema ukuthintana nabanye abantu.
Sizodinga ukuphinde sihlele izindawo zokusebenza, izikolo, amanyuvesi, amakolishi kanye nezinye izindawo zomphakathi ukunqanda ukusulelana ngegciwane.
 
Kuzomele sithole izindlela ezintsha zokudumisa, zokuzijabulisa nabantu, zokuzivocavoca kanye nokuhlangana ezizonciphisa amathuba okuthi igciwane libhebhetheke.
 
Leli iqiniso amazwe emhlabeni jikelele okumele abhekane nalo ngqo. Ngisho nala mazwe aseqalile ukuxegisa imikhawulo yawo yokuvalwa kwezwe akwenza lokhu ngokungabaza nangokuqaphela okukhulu kakhulu.
 
Njengoba senzile, amazwe amaningi ahlinzeka ngezinhlelo ezibanzi zokuvuselela ukuze aqinise imikhakha yawo yezosizo lwezempilo, asekele izimboni ezintengantengayo kanye nabasebenzi nokuletha usizo emakhaya abuthakathaka.
 
Njengathi, kudingeke ukuthi balisabelele ikhwelo lokuphinde kuvulwe ukusebenza komnotho. Njengezakhamuzi zakithi, abantu bakhona bathule futhi bakhungathekile ngokuncishiswa kwenkululeko yabantu.

Ngaleso sikhathi, ongoti bezempilo emhlabeni jikelele baxwayisa ‘ngengxenye yesibili’ yokusuleleka njengoba impilo emphakathini izophinde iqale. Amazwe amaningi okubandakanya i-Germany, i-Iran kanye ne-China abe nokukhuphuka ezigamekweni ezintsha zokusuleleka selokhu baxegisa imikhawulo ethile.
 
Nathi asizukwehluka. Singalindela futhi kumele silindele ukuthi izigameko zokusuleleka zikhuphuke njengoba abantu abaningi bebuyela emsebenzini. Kumele samukele isimo njengoba sinjalo, sisilungiselele futhi sivumelane naso.
 
Isigaba esilandelayo sikazwelonke sokulwa kwethu simayelana nokuqhubeka njengoba simayelana noshintsho nokwenza kabusha. Sizokhuphula izinga lethu lokuxilonga kanzulu, ukuhlolwa kanye nohlelo lokuphathwa kwezigameko. Sizokwethula izindlela ezintsha ezizokwenza ukufunwa kwabantu kusebenze kahle.

Kuzodinga ukuthi sethule ukuhlanzwa kubulawe amagciwane ezindaweni zokusebenza, ezithuthini zomphakathi kanye nakwezinye izindawo.
 
Selokhu ukuvalwa kwezwelonke kwaqala, abantu abaningi baseNingizimu Afrika balandele imigomo ebekelwe impilo nokuphepha kwabo. Benze isinqumo esiphusile ukwenza njalo, ngokuqonda ukuthi kunesidingo ezimpilweni zabo nakwezalabo abaseduzane nabo.
 
Njengoba imikhawulo kwimisebenzi yomnotho kanye nempilo yansukuzonke ixegiswa, kubaluleke kakhulu ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bagcine umcabango wokuba nesibophezelo somuntu ngamunye.  Kukho konke esikwenzayo, kuyo yonke imikhakha yempilo, kumele sinakekele impilo yethu nempilo yabanye.
 
Noma ngabe umuntu ngamunye, abaqashi, abasebenzi, uhulumeni, umphakathi, izinyonyana noma amabhizinisi, sizoqhubeka sonke sibe nendima okumele siyidlale ekulweni nobhubhane.
 
Ngendlela efanayo ukuthi bekumele sishintshe indlela yokuziphatha ukuze sigweme ukubhebhetheka kwe-HIV, manje sidinga ukuthi sishintshe indlela yokuziphatha ukuze zinqande igciwane le-corona.
 
Ukuvalwa kwezwe kwanika izwe lethu ithuba elihle lokuba neqhingasu. Kusinike isikhathi esanele ukulungiselela izinhlelo zethu zezempilo nokubeka ngomumo izinyathelo zokunqanda igciwane. Lokhu kukubambezele ukusuleleka futhi kwasindisa izimpilo.
 
Ukudlulela esigabeni esilandelayo sokubhekana negciwane le-corona, leso sokululama, kuzoba nzima kakhulu ukudlula lesi samanje. Ubungozi bokubhebhetheka kokusuleleka kuzokhuphuka. Umthamo emitholampilo yethu nasezibhedlela nakodokotela uzokhula.
 
Yingakho ukuxegiswa kwemikhawulo yokuvalwa kwezwe kungamele kube nomphumela wokuziphatha budedengu kwabantu noma ukusebenza budedengu kwamabhizinisi asejahe ukuqala ukusebenza ngokubeka engcupheni impilo yabantu.
 
Usizi lwegciwane le-corona luzodlula. Kodwa uma nje lisasabisa izimpilo zabantu bakithi, kumele sihlale siphapheme, sikhuthele futhi sizibophezele.
 
Manje, ukudlula esinye isikhathi, isiphetho sakho konke siphezu kokuziphatha kwaloyo naloyo. 
 
Nginifisela okuhle,

Signature

 Union Building