Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-27 kuNhlolanja 2019, e-Tuynhuys eKapa
A. Izindaba Ezisematheni
1. Inkulumo Yesabelomali sowezi-2019
1.1 IKhabhinethi liyayamukela iNkulumo Yesabelomali yowezi-2019 eyethulwe nguNgqongqoshe Wezimali uTito Mboweni ePhalamende, eKapa, ngoLwesithathu mhla zingama-20 kuNhlolanja 2019, njengohlaka oselubeke iNingizimu Afrika endleleni lapho sisonke singakwazi ukuvuselela nokwakha kabusha umnotho wethu ube ngobandakanyayo nophumelelayo.
1.2 Inkulumo Yesabelomali iyindlela yokuphumelelisa izibophezelo ezethulwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa eNkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe (i-SoNA) ayethula ePhalamende, eKapa, mhla ziyisi-7 kuNhlolanja 2019.
1.3. IKhabhinethi liyayeseka imizamo eyenziwayo ehlukahlukene, okubandakanya ukuncishiswa kwesamba esabelwe ukuholela izisebenzi zikahulumeni, ukuze kube nenye imali eyongiwayo okuyinto ezoqinisa isimo sezimali sikahulumeni. Liphinde lamukela ukuphoqelela imibandela eqinile yokweseka ngokwezimali ku-Eskom ukusiza ukuhlela lesi sikhungo kabusha sibe yisikhungo esisebenza ngempumelelo.
1.4 Sonke kumele sibambe iqhaza ukuze kukhule umnotho futhi kwakheke namathuba emisebenzi kubantu bakithi. Ukunqoba izinselele ezinkulu ezisukela emlandweni wobandlululo kusho ukubambisana nohulumeni ukuqalisa izinhlelo zakhe, ukukhulisa umnotho kanye nokuheha abatshalimali bakwamanye amazwe.
2. U-Eskom
2.1 IKhabhinethi liwamukele umbiko obuya kuPhini likaMongameli u-David Mabuza ngomsebenzi weKomidi elididiyelwe leKhabhinethi Elikhethekile maqondana no-Eskom elasungulwa ukuze kubhekanwe nokuphazamiseka kokuhlinzeka ngogesi kwakamuva kanye nomthelela omubi wako emnothweni wezwe. Ziqhubeka ngamandla izinhlelo zikahulumeni ezididiyelwe zokuletha ukusimama kwezezimali, kwezokuqhutshwa komsebenzi kanye nasohlakeni lokusebenza lwe-Eskom.
2.2 IKomidi leKhabhinethi Elikhethekile liholwa yiPhini likaMongameli uMabuza futhi libandakanya uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni, Owezamandla, Owezokuthutha, Owezezimali, Owezamaphoyisa Nowezokuvikelwa Kwezwe. Kuzodingeka ukuthi liqaphe ukuhlinzekwa kwamandla kagesi kwansukuzonke.
2.3 Ngokuhambisana nokuzibophezela kukaMongameli uRamaphosa ngokuthi izinyathelo zikahulumeni maqondana nenkinga kagesi kumele kube ngezibandakanyayo neziqhutshwa ngokubonisana, uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni noSihlalo webhodi le-Eskom babe nomhlangano wokuqala nobuholi bezinyunyana zabasebenzi ezintathu, ezamukelwe njengezinyunyana ezisemthethweni ngu-Eskom, nabemboni yokuvukuzwa kwamalahle kanye nomkhakha wezobunjiniyela.
2.4 Umhlangano obanjwe nomkhakha wezezisebenzi ubike ngezinkinga zika-Eskom zokuqhutshwa kwemisebenzi kanye nohlelo lokuphehla nokukhiqiza ugesi. Lo mhlangano ubuhlose ukwendlalela ukubonisana ngokugcwele kwangomuso. Ukuhlelwa kabusha kuka-Eskom nakho kuxoxiwe ngakho, futhi bonke abathintekayo bavumile ukuthi kuzoba neminye imihlangano yokubonisana ukuze kuqondwe indlela ezolandelwa nomthelela wokuhlukanisa imisebenzi ka-Eskom ibe yizikhungo ezintathu ezahlukene.
2.5 Imboni yezokuvukuzwa kwamalahle beyiqhutshwa ngaphansi kweso loMkhandlu Wamagugu Ambiwayo waseNingizimu Afrika (i-MINCOSA), futhi umhlangano uveze izinkinga eziqondene nokuhlinzekwa kwamalahle, izindleko kanye nokuklanywa kwamanani, kanye nezingaqophelo lamalahle ahlinzekwa ku-Eskom.
2.6 Kube neminye imihlangano nomkhakha wezobunjiniyela, ngaphansi kweso loMkhandlu Wezobunjiniyela waseNingizimu Afrika (i-ECSA). Bonke ongoti bezobunjiniyela babemelwe yizinhlangano zabo ezahlukahlukene ezisungulwe ngokuzithandela, okubandakanya iNhlangano Kazwelonke yoNjiniyela Abampisholo.
2.7 I-ECSA yethula umbiko mayelana nalokho ekutholile ekuhlaziyeni kwayo izinkinga ezibhekene no-Eskom futhi yahlinzeka ngeqoqo lezincomo zokuthi umkhakha wezifundiswa zaseNingizimu Afrika nongoti kwezobuchwepheshe bangabandakanywa kanjani ezindleleni zokungenelela eziphuthumayo ezidingekayo ukuze kube nozinzo ekuhlinzekeni ngogesi.
2.8 I-MINCOSA ne-ECSA zizosiza uhulumeni ukusungula Ithimba Lokubukeza Imisebenzi Yezobuchwepheshe Neyokulungisa Eyenziwayo, eliqondene no-Eskom elizomenyezelwa khona maduze nje.
3. Ugesi ovuselekekayo
3.1 IKhabhinethi liyazeseka izimemezelo zikaNgqongqoshe Wezamandla u-Jeff Radebe, ezigcizelela umqondo oyisisekelo sikagesi ovuselelekayo ekunqandeni umthelela omkhulu omubi wemithombo kagesi yesiphehlamandla esimbiwayo, njengamafutha namalahle.
3.2. Ugesi nguwo ovula iminyango eminingi njengoba iNingizimu Afrika ibheke ukukhula kwezenhlalomnotho nentuthuko. Uhlelo Lwentuthuko Lukazwelonke (i-NDP) luthi iNingizimu Afrika idinga okungenani amamegawathi ayizi-20 000 kagesi ovuselelekayo ngowezi-2030. Uhlelo Lokuthenga Ugesi Kubakhiqizi Bamandla Kagesi Ovuselelekayo Abazimele selwenze umehluko omkhulu kwezomnotho, ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi, ukufukulwa komphakathi, uguquko lwezomnotho kanye noguquguquko lwesimo sezulu.
3.3. Njengoba iNingizimu Afrika iqhubeka nokuba negalelo elikhulu ezinhlelweni zomhlaba zokukhiqiza ikhabhoni encane nokumelana nesimo sezulu, uhulumeni usazibophezele ekuqinisekiseni uguquko olwenziwa ngokulandela imigudu efanele lapho kudlulelwa kwingomuso elihlanzekile.
3.4. Iqembu Lezinhlangano Zebhange Lomhlaba Ezinhlanu lisanda kusingatha Izinhlelo Zikagesi Ovuselelekayo Nezokugcinwa Kukagesi eNingizimu Afrika, eKapa, kusukela mhla zingama-25 kuya kumhla zingama-26 kuNhlolanja 2019 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Amabhethri, Ukugcinwa Kukagesi Nengomuso Elivuselelekayo - Siphokophele Ohlelweni Lukagesi Ovuselelekayo Odluliseka ngama-100%". Izithunywa zomkhakha wezimboni, ezezimali, izikhungo, abalawuli, uhulumeni nezifundiswa baxoxe ngezintuthuko zasemkhakheni kagesi ovuselelekayo okubandakanya izindaba eziphathelene nezinqubomgomo, imithethonqubo, izimali, amabhizinisi, ubuchwepheshe, izinsizakusebenza, amasu amasha, nemithetho kanye nemigomo edingekayo ukuze kwandiswe ugesi ovuselelekayo.
3.5. Ubuchwepheshe bukagesi ovuselelekayo nobokugcinwa kukagesi kwenza sikwazi ukuguqula amandla kagesi abe ugesi futhi ugcineke ukuze ubuye usetshenziswe uma usudingeka ngokuhamba kwesikhathi. Izinhlelo zokugcinwa kukagesi zinciphisa isidingo sokuba nokugcinelwe ukulekelela ngelinye ilanga kwamalahle noma izikhungo ezikhiqiza ugesi ngokuphehlwa kwamandla egesi, ngalokho-ke kuncishiswe umoya ongcolile ophuma emkhakheni wezamandla futhi ziyasisiza nasekunciphiseni umthelela wokuguquguquka kwesimo sezulu.
4. Uhlelo Lwezizinda Zomnotho Ezikhethekile (ama-SEZ)
4.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukwethenjwa ngabatshalimali bakuleli kanye nabamazwe ngamazwe okubonakale ngotshalomali olufakwe eSizindeni Sokuthuthukisa Izimboni sase-Saldanha Bay (i-SBIDZ), esesiqala ukuba yisikhungo semisebenzi yasolwandle esisezingeni lomhlaba. Lokhu kuyingxenye yoHlelo lwama-SEZ Lomnyango Wezohwebo Nezimboni.
4.2 Ukusungulwa kwama-SEZ ezweni lonke kunciphisa ukugxila kakhulu kwemisebenzi yezomnotho ezindaweni ezithile ezweni ngenxa yokuhlelwa komhlaba kwesikhathi sobandlululo.
4.3 Kusukela ekusungulweni kwawo, ama-SEZ asebe negalelo ekuheheni utshalomalingqo lwamazwe angaphandle, njengotshalomali oluyizigidigidi ezintathu zamarandi olusanda kusayinwa ku-SBIDZ.
4.4 Uhlelo lotshalomali lwe-SBIDZ lubandakanya okungenani olunye utshalomali oluhlanu oluzokwengeza ezinye izigidigidi ezi-2.4 zamarandi zotshalomali oluzongena esikhathini esifushane kanye nasesikhathini eside kulesi sizinda, uma sesiphothuliwe.
5. Ukuphakelwa kwamanzi
5.1 IKhabhinethi liyayamukela ingqalasizinda ethuthukile yoMklamo Wezamanzi WaseMzimvubu esigodini saseQhungqwini kuTsolo, kuMasipala Wendawo yaseMhlontlo eMpumalanga Kapa, njengesibonelo sokuthi uhulumeni uqhubeka kanjani nokuhlangabezana nezidingo zemiphakathi yize iNingizimu Afrika iyizwe elinengcindezi yamanzi.
5.2 Ukuphumelela kwemiklamo yezamanzi yalolu hlobo kudala amathuba omsebenzi futhi kuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamanzi aphuma empompini asetshenziswa emakhaya nasezimbonini.
5.3 Selokhu kwaqala intandoyeningi labantu mkhulu umsebenzi osewenziwe ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyazithola izinsiza eziyisisekelo, njengamanzi ahlanzekile. Cishe seyibalelwa kuma-90% imizi ewatholayo njengamanje amanzi asempompini.
6. Ukuphepha ezikoleni
6.1 IKhabhinethi liyayigxeka impela imibiko ngezigameko zokuchukuluza, ukuphanga nodlame kwezinye zezikole zakuleli. Izingane zethu zidinga izindawo zokufundela eziphephile futhi siyabanxusa abafundi, othisha, abazali kanye nabanakekeli bezingane ukuthi basebenzisane ukuvikela izingane zethu emphakathini, ekulinyazweni emzimbeni kanye nasemoyeni.
6.2 IKhabhinethi liyaphinda futhi lincoma uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ngokushesha kwawo ukubamba abasolwa ababandakanyeka emzamweni wokuduna imoto esikoleni sase-Edenvale e-Gauteng.
6.3 IKhabhinethi liyanxusa ngokukhethekile ukuthi imikhandlu elawula izikole (ama-SGB) iyihlole ingqalasizinda ekhona njengamanje ezikoleni zayo ukuqinisekisa ukuthi izakhiwo zezikole ziphephile, zilungiswa njalo futhi zikulungele ukufunda.
7. Izenzo ezingamukelekile ezenziwa ngabanye abaholi bezenkolo
7.1 IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngemibiko yakamuva yabemithombo yezindaba mayelana nezenzo ezingamukelekile neze zabaholi bezenkolo abathile. Isigameko sakamuva esibonakele somuntu okuthiwa uvuke kwabafileyo yiso esibalulwayo kulokhu. Ziningi impela izigameko zalolu hlobo esezenzekile esikhathini esifushane esedlule, kusukela ekufuthweni kwabazalwane ngezibulalazilokozane ezinobungozi kuya ekubakhuthazeni ukuthi baphuze uphethilomu, futhi badle namagundane notshani, phakathi kokunye.
7.2 Abantu baya ezikhungweni zezenkolo ukuze bathole ukugcwaliseka nokuvuseleleka ngokomoya kanye nokukhuthazeka ngokomqondo, ikakhulukazi uma besezimweni lapho bezizwa bebuthaka kakhulu. IKhabhinethi linxusa bonke abantu ukuthi babambisane ukunqanda lezi zenzo ezihlukumeza ubuthaka babantu futhi ezibeka izimpilo zabo engozini. Izinhlaka zomthetho kumele zingenelele lapho kwenziwe khona izenzo zobugebengu ngaphansi kokucasha ngenkolo. IKhabhinethi liphinde laveza nokuthi iKhomishana Yokukhuthaza Nokuvikela Amalungelo Amasiko, Ezenkolo Nezilimi Emiphakathini Eyahlukene (i-CRL Rights Commission) iyaziphenya lezi zenzo, okuyinto ezohlinzeka ngendlela ebanzi yokungenelela ezokunqanda futhi ikuqede lokhu.
8. Ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lowezi-2019
8.1 IKhabhinethi linxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezifanelekile, ikakhulukazi abantu abasha asebefaneleke ukuvota okokuqala
abayizinkulungwane ngezinkulungwane ababhalisile, ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvota oKhethweni Lukazwelonke noLwezifundazwe oluzayo, oluzobanjwa ngoLwesithathu, mhla ziyisi-8 kuNhlaba 2019, ukuze baveze uvo lwabo ngekusasa lezwe.
8.2 UMongameli Ramaphosa uselumemezele ngokusemthethweni futhi walushicilela nakusomqulu kahulumeni usuku lomhla ziyisi-8 kuNhlaba 2019 njengosuku lokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe. Lokhu kuchaza ukuthi uhlu lwabavoti seluvalwe ngokusemthethweni futhi abantu angeke besakwazi ukubhalisela ukuvota okhethweni lukaNhlaba. UMongameli, ngokweSigaba 2A soMthetho Wamaholidi Omphakathi, we-1994 (uMthetho wama-36 we-1994), njengoba uchitshiyeliwe, usememezele usuku lomhla ziyisi-8 kuNhlaba 2019 njengeholidi lomphakathi ezweni lonke.
8.3 ENingizimu Afrika, ilungelo lokuvota liwumvuzo weminyaka ngeminyaka yokuzabalazela inkululeko yethu. Leli lungelo latholakala emva komzukuzuku owadala umonakalo umkhulu impela njengoba eyizindimbane ngezindimbane amadoda kanye nabantu besifazane abanikela ngezimpilo zabo kulo mzabalazo.
9. U-Caster Semenya
9.1 NjengeNingizimu Afrika yonkana, iKhabhinethi nalo liyeseka ngokuphelele intokazi eyisihlabani sethu kwezokusubatha, u-Caster Semenya. Icala lakhe, eliqulwa Enkantolo Yokulamula Imibango Ephathelene Nezemidlalo, lingaphezulu kakhulu kodaba oluqondene nezemidlalo nje kuphela. Luphathelene namalungelo abantu ayisisekelo kanye nesithunzi sabo bonke abantu esihambisana nalawa malungelo.
9.2 Sinxusa bonke abantu ukuthi bakhombise ukweseka kwabo umkhankaso othi-#HandsOffCaster. Masikhombise umhlaba ukuthi siyizwe elazisa ubulungiswa, ukulingana nokuhlonipha isithunzi somuntu.
10. Imboni yezobuciko
10.1 IKhabhinethi lanelisekile ngemiphumela emihle yomhlangano weMboni Yezobuciko obuholwa nguNgqongqoshe Wezokuxhumana u-Stella Ndabeni-Abrahams, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukusebenzisa Ubuciko Bezinkundla Zedijithali Kuguquko Lwezimboni Lwesine (i-4IR)". Inhloso bekungukubonisana nemboni ukuhlola umthelela we-4IR emkhakheni wezobuciko, futhi ngaphakathi komkhakha wezokusakaza ngomoya nangomabonakude, nokuthuthukisa izinkundla ezisemthethweni zababambiqhaza ngenhloso yokuletha uguquko kulo mkhakha.
10.2 Ababambiqhaza bavumile ukuthi uhulumeni kumele abonisane nabo bonke abathintekayo kanye nePhalamende ngoMthethosichibiyelo Welungelo Lokukopisha, ukuthuthukiswa kukaSomqulu Woguquko Kwezemithombo Yezindaba, ukubonisana nezinkampani zomsakazo ngenhloso yokuqeda ukuxhashazwa kwabadidiyeli abancane nabazimele, nokuqinisekisa ukuthi abanikazi bezinhlelo bahlomula ngokufanele ezinhlelweni zabo ezisetshenziswa kulezi zinkundla ze-inthanethi.
11. Ama-akhawunti ezinkundla zokuxhumana angasiwo awangempela
11.1 IKhabinethi lizwakalise ukukhathazeka ngama-akhawunti e-LinkedIn ne-Facebook okuthiwa angawoNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe.
11.2 Sifisa ukuxwayisa amalungu omphakathi ukuthi angakhohliswa futhi aholelwe ophathe ngokuhehelwa kulawa ma-akhawunti omgunyathi athembisa ngamathuba ebhizinisi angasilo neze iqiniso, futhi anxusa abantu ukuthi bakhokhe imali ukuze babe yingxeye yalawa mathuba ebhizinisi. Alikho ilungu leSigungu Seziphathimandla elinxenxa ukuthi likhokhelwe imali yanoma imuphi umsebenzi walo osemthethweni ezinkundleni zokuxhumana. Uma ufikelwa wukungabaza, sicela uxhumane namahhovisi ongqongqoshe noma iminyango kahulumeni ehlukahlukene ku-www.gov.za.
11.3 Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi aqaphele, kanti futhi labo asebengene ogibeni lomcuphi lwalaba bakhohlisi kumele babikele amaphoyisa ngokuphazima kweso.
11.4 IKhabhinethi liyazigxeka zonke izenzo zenkohliso ezenziwa egameni lamalungu eSigungu Seziphathimandla noma amanye amalungu omphakathi kusetshenziswa ama-akhawunti omgunyathi ezinkundleni zokuxhumana.
11.5 Siyaziqhelanisa nalezi zimvo, imibono nezithombe ezivele kuma-akhawunti omgunyathi.
12. I-Venezuela
12.1 IKhabhinethi likhathazekile ngesimo esiqhubeka e-Venezuela, ikakhulukazi izinselele zezenhlakalahle yabantu okumele kungenelelwe kuzo ngokuphazima kweso. Sizishayela ihlombe izinyathelo ezithathwe yiNhlangano Yezizwe (i-UN) zokuhlinzeka ngezinsiza eziqondene nezenhlalakahle yabantu base-Venezuela futhi sinxusa izinhlangano zamazwe ngamazwe ukuthi zibeseke abantu base-Venezuela kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso.
12.2 IKhabhinethi liyaleseka futhi nekhwelo lokuthi abantu base-Venezuela banikwe ithuba lokuzithathela izinqumo ngekusasa labo. Ngokususela kulokho iNingizimu Afrika eyake yabhekana nakho, sikholwa wukuthi isixazululo sengunaphakade singatholakala ngokuxoxisana phakathi kosopolitiki ngaphakathi ezweni futhi kubandakanywe bonke abathintekayo kulelo zwe.
13. Izinqumo ZeKhabhinethi
13.1 Uhlelo Lokusebenza Lukazwelonke (i-NAP) Lokulwisana Nokucwasa Ngokwebala, Ukucwasa Ngokobuhlanga, Ukuzonda Abantu Bakwamanye Amazwe Nokungabekezelelani Okuhambisana Nakho Kusukela ngowe-1994, abaphathi bezwe ngokulandelana kwabo bazamile ukubumbanisa abantu bakuleli, ukwakha ubunye kuzwelonke nokuqinisekisa ukubumbana komphakathi okukhudlwana. Ukuqeda uqhekeko lwesikhathi esedlule kuyinqubo eqhubekayo okumele ihambisane nokuqinisekisa ukuhlinzekwa kwamathuba ezomnotho amaningi kubantu abaningi bakuleli. Ngakho-ke, iKhabhinethi seligunyaze i-NAP Yokulwisana Nokucwasa Ngokwebala, Ukucwasa Ngokobuhlanga, Ukuzonda Abantu Bakwamanye Amazwe Nokungabekezelelani Okuhambisana Nakho ezothulwa ku-UN.
13.2 Lokhu kulandela ukubonisana okunohlonze neminyango kahulumeni, Izikhungo Zokweseka Intando Yeningi Labantu, izinhlangano zomphakathi kanye nababambiqhaza abafanele ezifundazweni zonke.
13.3 I-NAP izoba negalelo futhi iqinisekise ukuthi uhulumeni ugcina izibopho zawo zomhlaba jikelele, zesifunda kanye nezezwe, okuyiSivumelwano Samazwe Ngamazwe Sokuqeda Zonke Izinhlobo Zokucwasa Ngokwebala kanye Nesimemezelo saseThekwini, (i-Durban Declaration) kanye Nohlelo Lokusebenza olwamukelwa yi-UN emuva kweNgqungquthela Yomhlaba Yesi-3 yokulwisana Nokucwasa Ngokwebala (i-WCAR) eyabanjelwa eThekwini, KwaZulu-Natali ngowezi-2001.
14. Umthethonkambiso Ongaphoqelekile maqondana neSivumelwano sokulwisana nokuHlukumeza kanye nokunye Ukuphatha Ngesihluku, Ngokungaphathisi Umuntu Okomuntu noma Ukumehlisa Isithunzi noma Ukujezisa
14.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethonkambiso Ongaphoqelekile maqondana neSivumelwano sokulwisana nokuHlukumeza kanye nokunye Ukuphatha Ngesihluku, Ukungaphathisi Umuntu Okomuntu noma Ukumehlisa Isithunzi noma Ukujezisa ePhalamende ukuze ugunyazwe ngokweSigaba 231(2) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996.
14.2 Ukugunyazwa kwalo mthethonkambiso kukhuthaza ukulandelwa kwenqubo esekelwe phezu komthethosisekelo, kanye namalungelo esintu futhi kuhambisana nezibophezelo zamazwe ngamazwe zeNingizimu Afrika. UMthethosisekelo uhlinzekela ukuvinjelwa kokuphulwa kwamalungelo omuntu oboshiwe ngokwesijeziso esikhishwe wumbuso noma ngokomyalelo wenkantolo.
15. Amadizayini ochungechunge lwabaqoqi bezinhlamvu zemali ewuhlweza yesikhumbuzo
15.1 IKhabhinethi liwagunyazile amadizayini ochungechunge lwabaqoqi bezinhlamvu zemali ewuhlweza eyisikhumbuzo azokhishwa ngowezi-2019-2021:
a) Uchungechunge lohlamvu lwemali lowezi-2019 'Lokubungaza iNingizimu Afrika: Iminyaka engama-25 yeNtandoyeningi Labantu Engokomthethosisekelo;
b) Uchungechunge lwezi-2019-2021 lohlamvu lwemali oluyigolide loqobo: Izilwane Ezinkulukazi Ezinhlanu Zase-Afrika;
c) Uchungechunge lwezi-2019-2021 lohlamvu lwemali oluyiplathinamu: Izilwane Ezinkulukazi Ezinhlanu Zase-Afrika;
d) Uchungechunge lowezi-2020 lohlamvu lwemali ewuhlweza i-Natura: i-Supercontinent Gondwana;
e) Uchungechunge lowezi-2020 lohlamvu lwemali ewuhlweza i-Natura: uhlamvu lwemali yesiliva esicwengekile olungama-R25: i-Cradle of Humankind – ama-Hominids;
f) Uchungechunge lowezi-2020 lukatiki ongu-2½c nama-R2: Izinto Ezisungulwe eNingizimu Afrika – i-Retinal Cryoprobe;
g) Uchungechunge lowezi-2020 lohlamvu lwemali olungama-R10 nama-R5: Izinyoni nezimbali zase-Cape Winelands Biosphere Reserve; kanye
h) Nochungechunge lowezi-2021 lohlamvu lwemali i-Natura: i-Supercontinent Gondwana.
C. IMithethosivivinywa
16. UMthethosichibiyelo Wezokuvakasha
16.1 Umkhakha wezokuvakasha wumkhakha ongahlinzeka ngamathuba amahle kakhulu futhi kumele unakekelwe ukuze ukhule futhi uthuthuke kakhudlwana. I-NDP iyakwamukela futhi iyakubona ukuthi ezokuvakasha zingaba ngomunye wemikhakha eyingxenye yezikhuthazi-mnotho eziphuma phambili kuleli.
16.2 Njengengxenye yokulandelela emandleni omkhakha wezokuvakasha wakuleli njengoba lo mkhakha ungumkhiqizi obalulekile wamathuba emisebenzi nengenisomali ezweni, iKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosichibiyelo Wezokuvakasha ukuze kutholakale izimvo zomphakathi, ochibiyela uMthetho Wezokuvakasha, 2014 (uMthetho wesi-3 wezi-2014).
16.3 Izichibiyelo zizothuthukisa ukuphathwa kophiko lwezokuvakasha lwaseNingizimu Afrika, i-South African Tourism, njengesikhungo esingaphansi kolawulo lwebhodi. Izichibiyelo ziphinde zinike uNgqongqoshe Wezokuvakasha amandla okunquma ngomkhawulo wokuqasha indlu okwesikhashana.
16.4 UMthethosivivinywa uhlinzekela futhi nolwazi lomsebenzi oludingekayo kubasebenzi abangabaphelezeli bezivakashi futhi ulawula ukushayela kwabasebenzi abangabaphelezeli bezivakashi.
17. UMthethosichibiyelo Wophiko Lokufakwa Kwezicelo Esikhungweni Esisodwa wezi-2019
17.1 Njengesizwe sizibophezele ekuvuleni nasekuqinisekiseni ukufinyelela okubanzi ohlelweni lwemfundo ephakeme nokuqeqesha. Ingxenye esemqoka kule nqubo incike ekuqinisekiseni ukuthi labo abafaka izicelo zokufunda bahlinzekwa ngethuba lokusebenzisa uhlelo lokufaka izicelo olulodwa, olungabizi noluqondakala kalula oluhlanganise izikhungo zemfundo ephakeme eziningi. Ngenxa yalokhu, iKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wophiko Lokufakwa Kwezicelo Esikhungweni Esisodwa wezi-2019 kuSomqulu kaHulumeni, ukuze kutholakale izimvo zomphakathi.
17.2 UMthethosivivinywa uhlinzekela ukusungulwa kwesikhungo sikahulumeni esizohlela kabusha ukufakwa kwezicelo zokungena ezinhlelweni zemfundo ephakeme nokuqeqesha, unciphise izindleko zokufaka izicelo, uhlinzeke abafakizicelo ngolwazi ngezinhlelo zokufunda futhi wenze uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha nezikhungo zokuqeqesha zikwazi ukuqapha ukuhlinzekwa kwamathuba ngokulingana kanye nokwahlukahlukana kwabafundi ngokwezakhi zabo ezinhlobonhlobo.
18. UMthethosivivinywa Wezemitapo Yolwazi Yomphakathi Nemisebenzi Yezolwazi YaseNingizimu Afrika wezi-2019
18.1 Ngenhloso yokwakha usiko lokuba yizwe elifundayo, iKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezemitapo Yolwazi Nemisebenzi Yezolwazi YaseNingizimu Afrika we-2019 ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. UMthethosivivinywa uhlose ukubhekana nezinkinga zoguquko maqondana nokuhlinzeka imiphakathi ngemitapo yolwazi yomphakathi ikakhulukazi leyo miphakathi eyayincishwe amathuba ngaphambilini.
18.2 Ngokwazi ukuthi umsebenzi wokuhlinzeka ngemitapo yolwazi yomphakathi ngokoMthethosisekelo wumsebenzi womasipala, uMthethosivivinywa, phakathi kokunye, uhlinzeka ngezinqubo nemigomo yohlobo lomtapo wolwazi kahulumeni ofanelekile. Uphinde ukhuthaze ukubusa ngokubambisana nokusebenzisana phakathi kwezinhlaka ezintathu zikahulumeni maqondana nezemitapo yolwazi nemisebenzi yezolwazi.
18.3 Uma uMthethosivivinywa sewugunyaziwe, uzolungisa ukungalingani okungokomlando maqondana nemitapo yolwazi yomphakathi futhi uhlinzekele izinsiza ezanele zokubhekelela abantu abanokukhubazeka, abantu abasha, abadala kanye nabangasikhulumi isiNgisi ezindaweni zasemadolobheni nezasemakhaya. UNgqongqoshe Wezobuciko Namasiko uNathi Mthethwa uzobamba umhlangano nabemithombo yezindaba ukuzochaza kabanzi ngalo Mthethosivivinywa.
D. Imicimbi Ezayo
19. Isivumelwano mayelana nodlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile (i-GBV)
19.1 Ukulwa nesihlava se-GBV kuzoqiniswa ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-8 kuNdasa 2019 lapho uMongameli Ramaphosa, endawonye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (ama-NGO) ezinhlobonhlobo, ezosayina isivumelwano sokulwisana ne-GBV. Umcimbi wokusayinwa kwesivumelwano uzobanjelwa eMonti eMpumalanga Kapa futhi ulandela iNgqungquthela KaMongameli Yokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kubantu Bobulili Obuthile Nokubulawa Kwabantu Besifazane eyabanjwa ngoLwezi ngonyaka odlule.
20. Umhlangano wama-63 weKhomishana ye-UN Ngesimo Sabantu Besifazane
20.1 UNgqongqoshe Wezabesifazane, uNkz Bathabile Dlamini, uzohola ithimba lezithunywa elizokwethula umbiko wezwe eMhlanganweni wama-63 weKhomishana ye-UN ngeSimo Sabantu Besifazane e-New York, e-USA mhla ziyi-13 kuNdasa 2019.
20.2 Ikhomishana izocubungula "izinhlelo zokuvikelwa komphakathi, ukutholakala kwezinsizakalo zikahulumeni nengqalasizinda esimeme yezokulingana ngokobulili nokufukulwa nokuhlonyiswa kwabantu besifazane namantombazane" okuyisiqubulo esiseqhulwini. Umbiko uzoveza ukuzimisela kweNingizimu Afrika ukubhekana nokungalingani ngokobulili nokungalingani ezweni futhi uqhubeke wethule izinhlelo nezinyathelo zokubhekana nalokhu.
21. Utshalomali Lwezokuvukuza
21.1 IKhabhinethi liyakwamukela ukuvulwa ngokusemthethweni kweMayini Yase-Gamsberg ye-Vedanta Zinc International nguMongameli Ramaphosa eNyakatho Kapa ngoLwesine, mhla zingama-28 kuNhlolanja 2019.
21.2 Utshalomali lwezigidigidi ezingaphezu kwama-21.8 zamarandi lwakhela phezu kwezibophezelo ezitholakale eNgqungqutheleni Yotshalomali yezwe yokuqala ebanjwe ngonyaka odlule, elethe umshikashika omusha wemiklamo eqaliswa ubuthaphuthaphu yokuthuthukiswa kwezimboni nomnotho ezweni.
22.3 Isigaba sokuqala semayini sizothola utshalomali lwezigidigidi ezi-5.5 zamarandi futhi kulinganiselwa ekutheni izosebenza iminyaka engama-30. Imayini izoqasha abantu abayizi-3 000 esigabeni somshikashika womsebenzi wokwakha futhi iqashe abantu abangama-700 abazosebenza ngokugcwele uma usuphothuliwe umsebenzi wokwakha.
22. Ingxoxo Ngomkhakha Wezokuthutha Olwandle Yokuqala Ngqa
22.1 Njengengxenye yokuhlola nokubhekisisa amathuba eNingizimu Afrika njengezwe elinolwandle, elisendaweni ekulungele kahle kakhulu ukuhwebelana namanye amazwe njengoba isemzileni omkhulukazi wohwebo oluqhutshwa ngezithuthi zasolwandle, uNgqongqoshe Wezokuthutha, u-Blade Nzimande, uzosingatha Ingxoxo Ngomkhakha Wezokuthutha Olwandle Yokuqala Ngqa ezodonsa izinsuku ezimbili kusukela mhla zingama-28 kuNhlolanja kuya kumhla lu-1 kuNdasa 2019 eThekwini, KwaZulu-Natali.
22.2 Le ngxoxo ibonisa ukuzibophezela koMnyango Wezokuthutha ngowezi-2019 ukusheshisa ukuqaliswa kweNqubomgomo Ebanzi Yezokuthutha Olwandle (i-CMTP) eyagunyazwa yiKhabhinethi ngowezi-2017.
22.3 Lo mcimbi uzocubungula izinyathelo okumele zithathwe ukuqinisa uguquko, ukuheha utshalomali emiklamweni ebalulekile yengqalasizinda yasolwandle, ebonakala ibaluleke kakhulu ekubekeni iNingizimu Afrika esimweni sokuba yisiZinda Samazwe Ngamazwe Sezemisebenzi Yasolwandle. Le ngxoxo iphinde ibe yigxathu eliphokophele ekusungulweni koMkhandlu Wezokuthuthukiswa Komkhakha Wezokuthutha Ngolwandle wangomuso osezinhlelweni ze-CMTP.
23. Izenzo Ezinhle Zemvelo
23.1 UMongameli Ramaphosa uzohola umkhankaso kazwelonke "Wezenzo Ezinhle Zemvelo" mhla ziyisi-8 kuNdasa e-Buffalo City eMpumalanga Kapa. Umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi kuba nemvelo ehlanzekile nephephile ngumsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
23.2 Ukugcina imiphakathi yethu ihlanzekile kuqala ngathi, futhi kubalulekile ukuthi amakhaya namabhizinisi aqalise izinqubo zokuphathwa kwemfucuza ezisimeme.
23.3 UMongameli uzokwethula futhi nomkhankaso we-Operation Phakisa: Umnotho Wezamakhemikhali Nemfucuza, okuhloswe ngawo ukweseka umnotho waseNingizimu Afrika futhi kusenjalo kuncishiswe umthelela walokhu kwimvelo.
24. Umbimbi Lokufunda Lukazwelonke
24.1 UMongameli Cyril Ramaphosa uzofaka umdlandla nofuqufuqu ohlelweni loMbimbi Lokufunda Lukazwelonke emcimbini ozobanjwa mhla ziyisi-8 kuNdasa 2019 eMdantsane eMpumalanga Kapa. Lolu hlelo luhlose ukuthuthukisa isimo sokufunda sezakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokukhuthaza nokugqugquzela uthando lokufunda.
25. Umkhakha wabadobi abasafufusa
25.1 UMnyango Wezolimo, Amahlathi Nezokudoba (i-DAFF), ngokuhambisana noMthetho Wezinsiza Eziphila Olwandle (uMthetho No. 18 we-1998), njengoba uchitshiyeliwe, uzokwabela abadobi abasafufusa amalungelo okudoba emphakathini waseMatigulu, KwaZulu-Natali mhla ziyi-14 kuNdasa 2019. Lokhu kulandela ukwethulwa kohlelo olunjengalolu okwenziwe e-Port Nolloth eNyakatho Kapa.
25.2 I-DAFF iphinde yabamba izigcawu zokuqeqesha okubanzi ukuze kuhlonyuliswe ikakhulukazi abantu besifazane kule miphakathi. Kuzoba nokwethulwa kwezinhlelo ezifanayo okuzokwenziwa eMpumalanga Kapa naseNtshonalanga Kapa. IKhabhinethi liyalwamukela uhlelokusebenza lweselula olwakhiwe yi-DAFF olubizwa nge-Abalobi app, okuhloswe ngalo ukusiza abadobi abasafufusa baxhumanise isivuno sabo sasolwandle ngqo nezimakethe ezinjengabathengisi bezinhlanzi.
E. Imiyalezo
26. Ukuhalalisa
26.1 IKhabhinethi lihalalisela:
- umthwebulizithombe wangaphansi kwamanzi u-Allen Walker wase-Warner Beach ngokunqoba esigabeni sezithombe zoshaka emcimbini wemiklomelo ye-World ShootOut 2018 obubanjelwe e-Germany.
- umpheki u-Kobus van der Merwe wasendaweni yokudlela i-Wolfgat e-Paternoster eNtshonalanga Kapa, odle umhlanganiso wathola uMklomelo Wendawo Yokudlela Yonyaka Emcimbini Wemiklomelo Yezindawo Zokudlela Emhlabeni wokuqala ngqa obubanjelwe e-Paris.
- abantu base-Nigeria nabase-Senegal - futhi ligcizelela amazwi eKhomishana Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika - ngokubamba ukhetho ngempumelelo. Silangazelele ukwakha ubudlelwano obungunxambili bezepolitiki, ezomnotho nezohwebo phakathi kweNingizimu Afrika nalawa mazwe womabili.
27. Amazwi Enduduzo
27.1 NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi nalo lidlulisa ukudabuka kwalo kanye namazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni komculi we-jazz futhi owahlonishwa ngendondo kazwelonke, i-Order of Ikhamanga, uMama u-Dorothy Masuka, obeseneminyaka engama-83. UMama uMasuka uzokhunjulwa ngegalelo lakhe elikhulu emlandweni wamagugu amasiko aseNingizimu Afrika nasezwenikazi.
Imibuzo:
Nkz Phumla Williams - iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi (we-GCIS)
Iselula: 083 501 0139