Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi obanjwe ngoLwesithathu, mhla zingama-27 kuNdasa 2019, eZindlini Zombuso, ePitoli
A. Izindaba Ezisematheni
1. Utshalomali
1.1. IKhabhinethi liyasamukela isigaba sesibili sokunwentshwa kwesiZinda Somnotho Esikhethekile Sechweba Lezohwebo i-Dube Trade Port Special Economic Zone (i-SEZ) KwaZulu-Natali. Lolu tshalomali lwezigidigidi eziyi-18 zamarandi lwengeza amahektha angama-45 endawo yezimboni kule SEZ. Sizosebenza njengesisekelo sokuheha utshalomali olulinganiselwa kuzigidigidi ezingama-20 zamarandi kule minyaka emihlanu ezayo.
1.2. IKhabhinethi lamukela futhi nomkhiqizi wase-China wempahla yasendlini esebenza ngogesi, abakwa-Hisense, abafake utshalomali lwezigidi ezingama-72 zamarandi ohlelweni lokukhiqizwa kwamafriji nomabonakude efemini yabo ese-Atlantis eNtshonalanga Kapa, okudale amathuba omsebenzi kwezokukhiqiza ayi-150. Lolu tshalomali lubeka utshalomali lwe-Hisense selulonke kulesi sikhungo sase-Atlantis kuzigidi ezingama-440 zamarandi.
2. Ukubuyiswa Komhlaba
2.1. UMongameli Cyril Ramaphosa udlulisele umhlaba obuyisiwe ongowokuqala ngqa ezizukulwaneni zomphakathi wesizwe samaHilikwa (ama-Griqua), okungumphakathi wase-Ebenhaeser, e-Verdendal eNtshonalanga Kapa. Lokhu kudluliswa komhlaba kuqhubekisela phambili uHlelo Lwezinguquko Kwezomhlaba lokuthuthukisa izimo zemiphakathi eyabe incishwe amathuba phambilini.
2.2. IKhabhinethi likwamukele ukwesekwa okuza emuva kwesivumelwano sokubuyiswa komhlaba okuhlinzekwa nguMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba ngokuhlinzekwa kogandaganda abanhlobonhlobo abazosetshenziswa ngabalimi kuleyo ndawo, okuzoqinisekisa ukugcinwa nokulinywa komhlaba ukuze kuhlomule izizukulwane zamanje nezangomuso.
3. Ucwaningo Lwezemisebenzi Olwenziwa Njalo Ngekota Yonyaka
3.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukukhishwa kwemininingo yokuqashwa kwabantu yakamuva, ekhishwe kuleli sonto, evela oPhikweni Lwezibalomanani lwaseNingizimu Afrika (i-StatsSA), okuyimininingo eqinisekisile ukuthi nembala likhulile inani labantu abaqashiwe ngowezi-2018. Ucwaningo Lwezemisebenzi Olwenziwa Njalo Ngekota Yonyaka, olungolunye lwezincwaningo ezimbili ze-StatsSA, luveze ukuthi ukuqashwa kwabantu emkhakheni ohlelekile kunyuke ngezi-158 000 ezinyangeni eziyi-12 zowezi-2018. Ezinyangeni ezintathu zokugcina zowezi-2018, inani labantu abaqashiwe likhuphuke lafinyelela ezi-87 000. Lolu cwaningo alubandakanyi imininingo yezolimo neyomnotho ongahlelekile.
3.2. Lesi simo esithokozisayo silandela ukukhishwa koCwaningo Lwesibalo Esiphelele Sabasebenzi Olwenziwa Njalo Ngekota Yonyaka (i-QLFS), oluhlanganise yonke imikhakha yezomnotho, ehlelekile nengahlelekile, futhi luveze ukukhula kwezinga lokuqashwa kwabantu ngowezi-2018.
3.3. Lokhu kukhula kwemisebenzi, kwenye ingxenye, kukhombisa ukudlondlobala kokwethenjwa ngabatshalimali kanye nokukhula kotshalomali oluvela emazweni angaphandle olungena ngqo emnothweni wezwe, okubonakalisa ukuphumelela kwemizamo kaMongameli yokukhuthaza nokukhangisa iNingizimu Afrika njengezwe elikulungele kakhulu ukuthi kutshalwe izimali kulona. INgqungquthela Yotshalomali kaMongameli eyabanjwa ngoMfumfu ngonyaka odlule yabuya nezethembiso zotshalomali oluyizigidigidi ezingama-300 zamarandi. Kule minyaka eminye ezayo, uhulumeni uzosebenzisana nabatshalimali, izinhlangano zakuleli kanye nezinyunyana zabasebenzi ukuze lezi zethembiso zotshalomali zithele izithelo, nokusiza ukudala eminye imisebenzi eyengeziwe kanye namathuba kwezomnotho.
3.4. Selokhu kwaqala ukubusa kukahulumeni ophethe, i-QLFS iveza ukuthi ukuqashwa kwabantu sekukonke kukhule kwafinyelela ezigidini eziyi-16.5, futhi kwakhiwe imisebenzi emisha eyisigidi nesigamu esikhathini esiyiminyaka emihlanu.
4. Umonakalo odalwe yisishingishane u-Idai
4.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu zesishingishane u-Idai esikhahlameze izingxenye ze-Mozambique, i-Malawi ne-Zimbabwe. Lesi sishingishane sishiye umonakalo omkhulu, izinkulungwane zabantu zaphenduka ondingasithebeni, kwacekeleka phansi izindawo eziningi, kwanqamuka amanethiwekhi okuxhumana futhi kwavaleka nemigwaqo.
4.2. Ukubonisa umoya wobuntu, uMongameli Ramaphosa usabelile esicelweni sosizo esivela komakhelwane bethu ngokuthi agunyaze izinhlelo zokungenelela ezihlukahlukene, okubandakanya nosizo lokuthungatha nokutakula abantu abakhahlamezekile.
4.3. IKhabhinethi lidlulise ukubonga umsebenzi owenziwe nguMbutho Wamasosha AseNingizimu Afrika (i-SANDF), uMbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS) kanye noMnyango Wezempilo. Izindiza ezinophephela emhlane ze-SANDF zisize ukutakula abantu abebevalelwe yizikhukhula futhi i-SAPS nayo ithumele izinja eziqeqeshwe ngokukhethekile nabalawuli bazo emsebenzini wokuthungatha nokutakula abantu. IKhabhinethi libonga nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kanye ne-Gift of the Givers ngokuqhubeka nokuhlinzeka ngosizo kubantu abakhahlamezekile kule nhlekelele edalwe yisishingishane.
5. U-Eskom
5.1. IPhini LikaMongameli u-David Mabuza libikele iKhabhinethi ngezinto esezenzekile mayelana nenkampani yakwa-Eskom kanye nezingqinamba zikagesi. Sekube nenqubekela phambili enhle ekutholeni amalahle nodizili owanele, namanzi agciniwe ezikhungweni ezimpompwayo eziteshini zikagesi wamanzi.
5.2. Ithimba Longoti Lokubuyekeza Umsebenzi eliqokwe nguNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Pravin Gordhan kanye neBhodi le-Eskom mhla zizi-4 kuNdasa 2019, lizophothula omunye womsebenzi walo ngasekuqaleni kwesonto elizayo futhi lizokhipha eminye yemiphumela yokuqala evela ekubuyekezweni kweziphehlimandla zikagesi ze-Eskom. Lokhu kuzosiza u-Eskom kanye nohulumeni ukumisa uhlelo oqinile lokulungiswa nokugcinwa kweziphehlimandla zikagesi zisesimweni esihle, okuyinto ezosiza ukuzinzisa uhlelo lokukhiqiza ugesi kulawa masonto nezinyanga ezimbalwa ezizayo.
5.3. IKhabhinethi lidingide futhi nesimo sezimali se-Eskom. Kunezinye izindlela ezicutshungulwayo zokweseka lesi sikhungo sikagesi. Ukukhiqizwa kukagesi kube nozinzo kuleli sonto njengoba kunengcuphe encane yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Nokho-ke, ukunqamuka kukagesi okungahleliwe kusesezingeni eliphezulu okudala ukuphazamiseka kohlelo lokuhlinzeka ngogesi lulonke.
5.4. IKhabhinethi libancomile abaphathi nezisebenzi zakwa-Eskom ngemizamo yabo yokuhlinzeka ngogesi onozinzo, onganqamuki nokungathenjelwa kuwona emnothweni wezwe nakuzakhamizi zakuleli, bekwenza lokho ngaphansi kwezimo zokusebenza ezinzima.
5.5. IKhabhinethi likugcizelelile ukuthi zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika kumele zibambisane futhi ziqhamuke namacebo amasha - kanye nezindlela zokonga ugesi ezazisetshenziswa phambilini - ukunciphisa isidingo sikagesi esiphakeme kanye nokusetshenziswa kwawo ngokweqile. Lokhu kubandakanya ukucishwa kwamagiza, amaphampu amachibi okubhukuda kanye nezibani engasetshenziswa. Imininingwane mayelana nenye inqubekela phambili eseyenziwe ngu-Eskom kanye nokukhiqizwa kukagesi, njengoba eshilo uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni, izohlinzekwa lingakapheli isonto elizayo.
6. Ukukhothama koMntwana u-Irene Thandekile Buthelezi
6.1. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani boMntwana u-Irene Thandekile Buthelezi, undlunkulu kaMntwana uMangosuthu Buthelezi. UMntwana u-Irene ubeseneminyaka engama-67 ashada nomholi weqembu leNkatha Freedom Party uMntwana uButhelezi.
UMntwana ubeyinsika futhi emeseka uMntwana uButhelezi eminyakeni yakhe njengomholi wezepolitiki emkhakheni wezombangazwe waseNingizimu Afrika. UMntwana u-Irene ushiye emhlabeni abantwana babo, okunguMntwana uNtuthukoyezwe Zuzifa, uMntwana uPhumzile Nokuphiwa kanye noMntwana uSibuyiselo Angela, kanye nabazukulu.
7. ISikhwama Sikazwelonke Sokuxhasa Abafundi Ngemali Yokufunda (i-NFSAS)
7.1. UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nezokuqeqesha u-Naledi Pandor umemezele ukwabelwa kwe-NSFAS imali engeziwe eyizigidi ezingama-967 zamarandi. Le mali izokhokha izikweletu zakudala emanyuvesi okungezabafundi abayizi-52 514 abaxhaswe yi-NSFAS abasaqhubeka nokufunda. Lesi sabelo asibabandakanyi labo bafundi asebexhaswe ngokugcwele ngaphansi kohlelo olubuyekeziwe lomkhawulo oyisisekelo wengenisomali yabazali bobabili ihlanganisiwe.
7.2. IKhabhinethi liyayeseka yonke imizamo eyenziwe ukuze abafundi bakwazi ukuthola imfundo ikakhulukazi abaphuma emakhaya adla imbuya ngothi bakwazi ukuthola ithuba lokufunda. Lizoqhubeka nokweseka umsebenzi okuhloswe ngawo ukunciphisa igebe lokungalingani ezweni lethu. IKhabhinethi linxusa abafundi ukuthi baqhubeke nokusebenzisana nomnyango ukuthola izisombululo zezinkinga ezisilele abasabhekene nazo.
8. INhlangano Yezokusakaza Ngomoya YaseNingizimu Afrika (i-SABC)
8.1. IKhabhinethi liwuphawulile futhi liyawamukela umsebenzi owenziwayo ukulekelela i-SABC ukuthi ithole uxhasomali lwesikhashana oluyizigidigidi ezi-3,2 zamarandi oluvela emabhange ahwebayo. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi lo msakazeli womphakathi uyakwazi ukuhlangabezana nezidingo zakhe zezimali kusukela manje kuze kube nguMandulo 2019.
8.2. IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ekwesekeni i-SABC futhi lokhu kulandela izimemezelo zangaphambilini ezenziwe nguNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni eNkulumweni Yesabelomali ngoNhlalonja 2019 zokweseka izinkampani zikahulumeni (ama-SOC) ezikhungethwe yizinkinga zezimali, okubandakanya ne-SABC, ukuze zithole uxhasomali njengamanje olungaphansi kwezinqolobane zezimo ezingahlelelwe.
9. INgqungquthela Yenhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)
9.1. IKhabhinethi likuthokozele ukuthi iNingizimu Afrika isingathe ngempumelelo iNgqungquthela Yobambiswano Nokuzwelana kwe-SADC ne-Sahrawi Arab Democratic Republic ebanjwe ngasekuqaleni kwale nyanga.
9.2. I-Western Sahara yiyona kuphela izwe e-Afrika elisabuswa ngaphansi kwenqubo yokuqonelwa ngabezizwe. INgqungquthela Yobambiswano Nokuzwelana kwe-SADC ne-Western Sahara ihlose, phakathi kokunye, ukuqinisekisa ilungelo labantu base-Western Sahara lokuzimela nokuzibusa. Lokhu kuhambisana nemigomo yoMqulu weNhlangano Yezizwe (i-UN) kanye neNhlangano Yobumbano Lwe-Afrika (i-OAU) njengamanje esibizwa ngeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU).
B. Izinqumo ZeKhabhinethi
10. UKhomishana omusha woPhiko Lokuqoqwa Kwentela LwaseNingizimu Afrika (i-SARS)
10.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukuqokwa kukaMnu Edward Christian Kieswetter njengoKhomishana omusha we-SARS kusukela mhla lu-1 kuNhlaba 2019.
10.2. UMnu. Kieswetter wathola iziqu ze-Honours Kwezemfundo Yezesayensi ngowe-1988, iziqu ze-Master Kwezemfundo Yezesayensi ngowe-1996 kanye neziqu ze-Master Kwezokuphathwa Kwebhizinisi ngowezi-2001, phakathi kwezinye. Uza e-SARS nolwazi lokuphatha olunzulu kanye namava awathola emkhakheni ozimele nokahulumeni. Ukuphothulwa kwenqubo yokuqashwa kuka-Kieswetter kuqalisa ukusebenza kwezincomo ezenziwa yiKhomishana Yophenyo Maqondana Nokuphathwa Nokulawulwa Kwentela yi-SARS, usihlalo wayo okwabe kuyijaji eselathatha umhlalaphansi uJaji Robert Nugent.
11. IKhomishana Yophenyo Maqondana Nokuphathwa Nokulawulwa Kwentela yi-SARS (Umbiko ka-Nugent)
11.1. IKhabhinethi lihlinzekwe ngombiko mayelana nomphumela womsebenzi weKhomishana Yophenyo Maqondana Nokuphathwa Nokulawulwa Kwentela yi-SARS. UMongameli Ramaphosa waqoke le khomishana mhla zingama-24 kuNhlaba 2018 ukuze, phakathi kokunye, ilethe uzinzo e-SARS, ibuyise ukwethembeka kwe-SARS futhi iqinise ikhono namandla ayo okuhlangabezana nemigomo yengenisomali nentela okumele iyiqoqe. Umbiko wekhomishana wesikhashana wethulwa mhla zingama-27 kuMandulo 2018 futhi umbiko wokugcina waphuma mhla ziyi-11 kuZibandlela 2018.
11.2. IKhabhinethi likuphawulile lokho okutholwe yikhomishana ukuthi ukwahluleka okuningi okwenzeka e-SARS kusukela "ekwahlulekeni okukhulu kwezokuphatha kahle kanye nobuqotho" ngaphansi kukaKhomishana waphambilini. Ikhomishana yenze izincomo zokulungisa eziqondile ezingama-27 zokulungisa izinqumo ezilimazayo zaphambilini, emikhakheni ehlukahlukene kubandakanya ezokuthengwa kwempahla nezinsizakalo, isakhiwo nesimo sokuhleleka kwesikhungo kanye nokuqiniswa kobuholi besikhungo. Esinye sezincomo ezibalulekile kube wukuqokwa kukaKhomishana we-SARS ngokushesha.
11.3. IKhabhinethi lizwakalise ukuzeseka kakhulu izincomo ezenziwe yiKhomishana futhi uNgqongqoshe Wezezimali uzoqapha ukuqaliswa kwalezi zincomo, okubandakanya ukuhola inqubo yokubonisana ukuze kuchitshiyelwe uMthetho we-SARS ngenhloso yokuthuthukisa nokuphucula ukuphathwa kwalesi sikhungo kanye nokuphendula ngendlela efanele, kanye neqhaza elingabanjwa nguMhloli Jikelele uma eqhathaniswa neBhodi.
11.4. IKhabhinethi lidlulisa ukubonga iJaji u-Nugent, amalungu ekhomishana kanye nethimba labasebenzi beKhomishana, ngombiko walo oseqophelweni eliphezulu, kanye nokukhiqiza nokuhlanganisa lo mbiko ngokushesha futhi ngobunyoninco. Kusukela ngosuku owakhishwa ngalo lo mbiko, uyatholakala emphakathini, futhi utholakala kuwebhusayithi yeHhovisi LikaMongameli: www.thepresidency.gov.za
12. Ukuhlolwa Kohlelo-ngqangi Lwezidakamizwa Lukazwelonke (i-NDMP) lowezi 2013-2018
12.1. IKhabhinethi ligunyaze umbiko wokuhlolwa kwe-NDMP wezi 2013-2018 njengendlela yokukhombisa ukuqhubeka kokuzibophezela kukahulumeni ekulwisaneni nokusetshenziswa kwezidakamizwa kanye nomthelela wazo emiphakathini ezweni lonkana.
12.2. Ukuhlolwa kwalolu hlelo kuthole ukuthi nakuba i-NDMP ihlinzeka ngohlaka oluwumhlahlandlela kulo mkhakha, ukuqaliswa kwawo kwenziwe buthaka wukungahanjelaniswa ngendlela efanele kwamaqhingasu eminyango efanelekile ehlukahlukene.
12.3. Lolu hlelo-ngqangi luhlongoza izindlela zokungenelela eziningana ezinjengokuqondaniswa nokuhanjelaniswa kwamaqhingasu eminyango futhi ngaphezu kwalokho luncoma nokuthi kube nohlaka oluzimele oluxhaswe ngezimali ngokuphelele oluzohola umkhankaso wokulwisana kanye nokuvimbela ukuxhashazwa kwezidakamizwa emiphakathini yethu, ikakhulukazi entsheni.
12.4. IKhabhinethi liyazibona izinselele ebhekene nazo imiphakathi maqondana nokugqilazwa yizidakamizwa. Izincomo ezenziwe yilokhu kuhlola zizoba negalelo elikhulu ekubhekaneni nale nkinga ngendlela enohlonze. IKhabhinethi likugunyazile futhi nokubunjwa koMkhandlu Wokulwisana Nezidakamizwa, ohlelwe ngendlela efanayo noMkhandlu Kazwelonke Wokulwisana Nengculazi waseNingizimu Afrika, ukuze uhole umshikashika wokulwisana nokugqilazwa yizidakamizwa. Uhlelo-ngqangi olubuyekeziwe manje seluzobizwa ngoHlelo-ngqangi Lokulwisana Nezidakamizwa.
13. Uhlaka Lohlelo Lokubhekana Nezinkinga Zezobulili, Ukwabiwa Kwemali, Ukuqapha, Ukuhlola kanye Nocwaningomabhuku
13.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lohlelo Lokubhekana Nezinkinga Zezobulili, Ukwabiwa Kwemali, Ukuqapha, Ukuhlola kanye Nocwaningomabhuku. Lolu hlaka lubeka udaba lokubhekelelwa nokuqhakanjiswa kwezobulili emnyombweni wenqubomgomo kahulumeni ngokuqhamuka neqhingasu kanye nohlelo lokuqalisa ukusebenza oluqondiswe ekubhekeleleni ubulili kwezinhlelo ezikhona njengamanje zokuhlela, zokwabiwa kwemali, zokuqapha kanye nezocwaningomabhuku.
13.2. Igunya lomthethosisekelo lokuqeda ukucwaswa ngokobulili, kanye nokufezekiswa nokuhlonishwa kwamalungelo abantu besifazane namantombazane, kudinga ushintsho olunohlonze futhi oluqhutshwa ngempumelelo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.
14. Imibiko yokuhlola
14.1. IKhabhinethi liphinde lagunyaza eminye imibiko yokuhlola eminingana eyenziwa ngaphansi kwesandla soMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (i-DPME), ebandakanya lokhu okulandelayo:
- Ukuhlolwa Kohlaka Lwezinhlelo Ezibalulekile kanye Nezinhlelo Zokusebenza Zonyaka (i-FSAPP) okunquma ukuthi ingabe i-FSAPP iphumelele yini ekuholeni iminyango ekuhlinzekeni ngemisebenzi kwayo, ikakhulukazi ngokusabela maqondana nemiphumela kahulumeni eseqhulwini, kanye nokuthi iminyango ibe nesibopho sokuphendula ngomsebenzi ewenzayo. Ukubuyekeza kuyakuqinisekisa ukufaneleka kwale ndlela, kodwa-ke kuyabonisa nokuthi uhlelo lunamagebe futhi le ndlela ayihambelani ngokuphelele nazo zonke izinqubomgomo kanye nemithetho ehlobene nayo. Lo mbiko uphakamisa izinhlelo zokungenelela eziningana ukuqinisa le ndlela.
- Ukuhlolwa Kohlelo Lohlaka Lwenqubomgomo Yawamakolishi Omphakathi, okucubungula uhlelo lohlaka lwenqubomgomo yokubhekana nokungabibikho kwamathuba ezemfundo nokuqeqeshwa kwabantu abadala kanye nemfundo yabantu abasha asebeqede isikole nokuhluleka ukuhlangabezana nezidingo zabantu abadala nentsha zokuthola umsebenzi kanye namakhono okuziphilisa. Umbiko wokuhlola ugcizelela ukungabibikho kwezinsiza ezanele zokwenza lolu hlelo lukwazi ukuthola imiphumela elindelekile.
- Ukuhlolwa Kwezibonelelo-zikhuthazo Zebhizinisi Zikahulumeni, okuhlinzeka ngokuhlola ukuthi izinhlelo sezizonke ziyasebenza na ukweseka amabhizinisi nokuthi ziyawuhlomulisa yini umphakathi. Uhulumeni usebenzisa izibonelelo-zikhuthazo ezinhlobonhlobo zokukhuthaza amafemu ukuthi athathe izinyathelo noma atshale imali emisebenzini ethile noma ukuze afake isandla emiphumeleni ethile yomphakathi noma yezomnotho. Umbiko uhlonza ukuphindaphindeka okungenasidingo kanye nokuhambisana kahle nokulekelelana kwezibonelelo-zikhuthazo ezihlukahlukene zamabhizinisi. Ukuhlolwa kuncoma, phakathi kokunye, ukusungulwa kwekomidi lokulawula nokuhambelanisa iziBonelelo-zikhuthazo zeMinyango Kahulumeni Ehlukahlukene.
- Ukuhlolwa Kweqhingasu Elididiyele Lokukhuthaza Ukusungulwa Kwamabhizinisi Amasha kanye Namabhizinisi Amancane, okwahlola ukuthi kwenziwa ngempumelelo yini ukuqaliswa kwaleli qhingasu, elagunyazwa ngowezi-2005 ukuze lugxile emikhakheni esemqoka kakhulu enjengokudalwa kwamathuba omsebenzi, ukulingana kanye nokufinyelela ezimakethe. Lawa mabhizinisi adlala indima ebaluleke kakhulu ekudalweni kwamathuba omsebenzi, amasu amasha kanye nokukhula komnotho. Uhlelo lwentuthuko oluhlongozwayo lubandakanya ukuthuthukisa, ukulawula kanye nokuhlela kabusha kuyo yonke imikhakha kahulumeni kanye nokuqinisa ukuphatha nokuqapha izikhungo.
14.2. Lokhu kuhlola kuhlose ukuqinisa umkhakha wezeMisebenzi Kahulumeni kanye nokuphathwa kukahulumeni. Umsebenzi wokuhlola wanikezwa abahlinzeki bezinsizakalo abazimele futhi imibiko yokuhlolwa izofakwa kuwebhusayithi ye-DPME: www.dpme.gov.za.
15. Izindlela zokulawula zikazwelonke ze-UN, i-AU ne-SADC
15.1. Ngokuhambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, oluhlose ukukhuthaza intuthuko esimeme ngokubhekana ngqo nezinselele zesifunda, zezwekazi nezomhlaba wonke, iKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kohlelo lukazwelonke lokulawula izinhlelo zentuthuko esimeme ze-UN, i-AU ne-SADC.
15.2. Uhlelo lukazwelonke lokulawula luzosebenza njengenqubo emkhakha-mningi futhi enababambiqhaza abahlukahlukene abazolawula ukubonisana kanye nokulawula nokuhambelanisa indlela okusetshenzwa ngayo ngaphakathi kanye nangaphandle kukahulumeni mayelana nezibophezelo zeNingizimu Afrika zentuthuko esimeme emhlabeni wonke jikelele.
15.3. Lokhu kuzoba ngaphansi kweso leKomidi Elihlanganise Ongqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC), kuholwa kusuka phakathi kuhulumeni, futhi kuzoqinisekisa ukuthi izinhlelo zentuthuko zikahulumeni (Uhlelo lwe-UN lowezi-2030 Lwentuthuko Esimeme, Uhlelo lowezi-2063 lwe-AU kanye neNkomba Yesifunda Yohlelo Lwentuthuko Olubalulekile lwe-SADC) zibonakala ngokugcwele ezinhlelweni zikazwelonke, futhi zizoba wumhlahlandlela omkhulu ekufezweni komsebenzi wokuqapha nokubika.
16. I-IMC eqondene Noguquko Lwezimboni Lwesine (i-4IR)
16.1. Kulandela isimemezelo sikaMongameli u-Ramaphosa eNkulumweni Echaza Ngesimo Sezwe yakhe yowezi-2019, iKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kwe-IMC eqondene ne-4IR.
16.2. Le khomishana izokweluleka mayelana namaqhingasu kanye nezinqubomgomo zokubhekana nezinto ezintsha ezenzekayo emkhakheni wezobuchwepheshe ezigqugquzelwa wubuxhakaxhaka bobuchwepheshe besimanje manje kanye ne-4IR. Umsebenzi omkhulu we-IMC wukulawula ukuhlela nokuqaliswa kwezindlela zokungenelela ze-4IR, okubandakanya ukweseka umsebenzi kweKhomishana kaMongameli eqondene ne-4IR.
17. Ukuphela kwehlandla lokuphatha
17.1. Njengoba iKhabhinethi liphothula uhlelo lwalo lwaleli hlandla lokuphatha lesihlanu, libonge bonke elibambisene nabo emphakathini kanye nezakhamizi. Linxuse zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqhubeke zokuzimisela kwazo ukwakha izwe eliphumelelayo.
17.2. IKhabhinethi lizwakalise ukubonga iPhalamende noPhiko Lwezobulungiswa ngokugcina izimompilo zomthethosisekelo nokuqinisekisa ukuthi iSigungu Seziphathimandla siyaphendula ngemisebenzi esiyenzayo ngenhloso yokwenza ngcono izimpilo zezakhamizi zakuleli.
17.3. Liphinde ladlulisa ukubonga ezinhlanganweni ezibambisene neNingizimu Afrika i-SADC; i-AU; inhlangano i-Brazil, India, China neNingizimu Afrika (i-BRICS); Iqembu lamazwe angama-20 (i-G20), i-UN kanye nezinye izinhlangano, ngokubambisana kanye nokweseka iNingizimu Afrika ukuze kuthuthukiswe futhi kwenziwe ngcono izimo kuleli, nokusebenzisana nayo kuphokophelwe kuNingizimu Afrika engcono, i-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.
17.4. IKhabhinethi libonge amalungu eSigungu Seziphathimandla Sikazwelonke asishiyile emhlabeni ngaleli hlandla lokuphatha lesihlanu, uNgqongqoshe u-Collins Chabane no-Edna Molewa, kanye nabaholi kweminye imikhakha kahulumeni abahole leli lizwe ngobungcweti baqhubekisela phambili izintshisekelo nezidingo zeNingizimu Afrika ngaphakathi kuleli nasemhlabeni wonke jikelele.
C. Imicimbi Ezayo
18. Udlame olubhekiswe kubantu bobulili obuthile (i-GBV) Nokubulawa Kwabantu Besifazane
18.1. Omunye umsebenzi oyingqophamlando empini yokulwisana ne-GBV uzofezwa ngoLwesine, mhla zingama-28 kuNdasa 2018, ngokuvulwa kwenkantolo kamantshi, i-Booysens Magistrate’s Court, eGoli. I-Booysens Magistrate’s Court kanokusho ihlinzeka ngezinsizakalo ezinhlobonhlobo futhi inakho konke okudingekayo ukweseka izisulu ze-GBV nokubulawa kwabantu besifazane.
18.2. Ukuvulwa kwale nkantolo kuzohambisana nokuthi uMongameli u-Ramaphosa, ebambisene nezinhlangano zomphakathi ezihlukahlukene, basingathe umcimbi kaMongameli wokwethulwa kweSitatimende Esisemthethweni Sokulwisana ne-GBV kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane esiqalisa ukuzibophezela ekuqalisweni kwezinqumo zeNgqungquthela Kazwelonke Yokulwisana ne-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane eyabanjwa ngoLwezi wezi-2018.
18.3. Izinkantolo ezilandelayo ezineziNkantolo Zamacala Ezocansi zizovulwa kulezi zinyanga ezintathu ezizayo:
- Inkantolo kaMantshi yase-Plettenberg Bay eNtshonalanga Kapa ezoba namagumbi enkantolo ayisishiyagalolunye, futhi elinye lawo lizoba yiNkantolo Yamacala Ezocansi.
- Izinkantolo zeMantshi iDimbaza neBitji ezizokwethulwa eMpumalanga Kapa.
- Inkantolo Ephakeme yaseMpumalanga eMbombela kanye neNkantolo kaMantshi endala yase-Middelburg, esilungiswe kabusha kusetshenziswa iziboshwa, ezoba yigatsha lendawo, okuzohlala kulona iNkantolo Ephakeme.
18.4. Ngenkathi lifinyelela esiphelweni ihlandla lokuphatha lesihlanu, kuzobe sekwakhiwe izinkantolo ezintsha ezingama-59 kusukela ngowezi-1994, okuyisibalo esingaphezulu komgomo kahulumeni wokwakha okungenani izinkantolo ezimbili ngonyaka.
19. Uhambo Lwentsha Lonyaka Lwesibili oluqonde Embukisweni Wamathuba Ezomnotho
19.1. UNgqongqoshe Wezokuxhumana, Ezokuxhumana Ngezingcingo Nezinsizakalo Zeposi - ngokuhlanganyela neminyango kahulumeni, amabhizinisi ombuso (ama-SOC) kanye nababambiqhaza - bazobamba uHambo Lwentsha Lonyaka Lwesibili oluqonde Embukisweni Wamathuba Ezomnotho mhla ziyi-13 kuMbasa 2019 kuMasipala Wendawo waseNtabankulu Esifundeni i-Alfred Nzo eMpumalanga Kapa.
19.2. Uhambo lwenkululeko lwentsha, lokubungaza iminyaka engama-25 yenkululeko, luhlose ukubonisa nokuqwashisa intsha, abantu abangasebenzi nabanikazi bamabhizinisi amasha ngamathuba anhlobonhlobo akhona kwezemfundo, amathuba omsebenzi kanye nawebhizinisi akhona emkhakheni kahulumeni nasemkhakheni ozimele.
20. 2019 Ukhetho Jikelele Lukazwelonke
20.1. Njengoba izwe libheke okhethweni lwentandoyeningi labantu lwesithupha, iKhabhinethi linxusa bonke abavoti abafanelekile ukuthi basebenzise ilungelo labo lomthethosisekelo ngokuvota mhla ziyisi-8 kuNhlaba. Ukubamba iqhaza kwabavoti kungumgogodla wentandoyeningi labantu esebenza kahle futhi ngokubamba ukhetho njalo ngezikhathi ezifanelekile futhi ngokuqhubekayo, izakhamizi zingakhetha labo abazozimela futhi ziqinisekise ukuthi bayaphendula ngemisebenzi yabo.
20.2. IKhabhinethi linxusa ukuthi, ngoSuku Lokhetho, iKhomishana Lokhetho Elizimele, abameleli bomphakathi kanye nomphakathi baziphathe ngendlela ezoqinisekisa ukhetho olukhululekile nolungachemile. Izimpiko zethu zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho zizothatha izinyathelo ezinqala zokubhekana noma ngubani oyotholakala esabisa, ephehla udweshu noma obhebhezela udlame ngesikhathi sokhetho.
D. Imiyalezo
21. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kwabalandelayo:
21.1. umndeni nabangani baSotswebhu Omkhulu we-African National Congress, uMnu Jackson Mthembu, oshonelwe yindodakazi yakhe uKhwezi ineminyaka yobudala engama-25.
21.2. uhulumeni nabantu base-New Zealand abashonelwe yizihlobo zabo esigamekweni sokuhlasela kwevukelambuso e-Christ Church lapho kubhubhe khona abantu abaningi.
21.3. uhulumeni nabantu beRiphabhulikhi yase-Indonesia kulandela izikhukhula. INingizimu Afrika kanye ne-Indonesia yiwo kuphela amazwe ase-Afrika naseNingizimu-mpumalanga ye-Asia, ngokulandelana kwawo, angamalungu e-G20, womabili lawa mazwe abambisene ngokuphatha isihlalo soBambiswano Olusha Olubalulekile Phakathi Kwe-Afrika ne-Asia, phecelezi i-New Africa-Asia Strategic Partnership.
22. Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela:
22.1. USolwazi Ncoza Dlova, udokotela wesikhumba ohlonishwa umhlaba wonke waseNyuvesi yaKwaZulu-Natali, osize ukuthola ulibofuzo olusha oluyimbangela enkulu yokuqothuka kwezinwele ingunaphakade kubantu besifazane abangabomdabu base-Afrika. Uthando lukaSolwazi Dlova lwezemfundo luholele ekuhlanganisweni kwencwadi yakuleli emayelana nezimo zesikhumba ezivamisile eqondiswe kubo bonke abafundi bezobudokotela ezweni, kanye namapheshana aqukethwe ulwazi namavidiyo afundisa iziguli ngezinkinga zesikhumba ezihlangabezana nazo.
22.2. iqembu lebhola likanobhujuzwayo, iBafana Bafana, ngokuphumelela kwalo ukungenela uMqhudelwano Wendebe Yebhola Likanobhutshuzwayo wase-Afrika wezi-2019. Leli qembu lihlanganyela namanye amaqembu amane aseNingizimu Afrika - iBanyana Banyana; iQembu Lekhilikithi; Elebhola Lombhoxo kanye naMajita, nawo aphumelele emidlalweni yawo yokuhlungela imiqhudelwano. IKhabhinethi liyazinxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zeseke iqembu lezwe emqhudelwaneni ozayo. Liphinda lincoma ukwesekwa kuka-Caster Semenya yi-UN ecaleni abhekene nalo leNhlangano Yezokusubatha Yamazwe Ngamazwe, phecelezi i-International Association of Athletics Federation.
E. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
1. Dkt Fiona Tregenna – Oqokwe kabusha njengelungu lesikhasana leNkantolo Yezokuncintisana.
2. Mnu Cecil Khosa – uMphathi Omkhulu (u-CEO) woMlawuli Wamadayimani Nensimbi Eyigugu eNingizimu Afrika.
3. Mnu Themba Cyril Dlamini oqashwe njengo-CEO woPhiko Lwezemfundo Nokuqeqesha Emkhakheni Wezokuphepha Nokuvikela.
4. Mnu Mduduzi Eric Zakwe oqashwe njengo-CEO woPhiko Lwezemfundo Nokuqeqesha Emkhakheni Wezemithombo Yezindaba, Ubuchwepheshe Bolwazi Nokuxhumana.
5. Amalungu angezona iziphathimandla eBhodi Lophiko Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane iminyaka emithathu:
5.1. Mnu Mbulelo Sogoni (uSihlalo Ophakanyisiwe);
5.2. Nksz Suzan Nyakale;
5.3. Nksz Matshediso Ndlovu;
5.4. Nksz Nomsa Kana;
5.5. Adv Derick Block;
5.6. Mnu Jim Matsho;
5.7. Nksz Beatrice Nkambule (Princess Tsakani);
5.8. Mnu Charl de Kock;
5.9. Adv Mthokozisi Xulu; kanye
5.10. noMnu Mduduzi Sibeko.
6. Nksz Thuthukile Skweyiya oqokwe njengoSihlalo we-Armaments Corporation of South Africa (i-Armscor) kuze kube ngumhla zingama-30 kuMbasa 2020.
7. Mnu Malusi Stanley Motimele oqokwe njengelungu leBhodi elingesona isiphathimandla futhi njengePhini Likasihlalo we-Armscor iminyaka emithathu.
8. Mnu Sipho Abednego Mosai – oqashwe njengo-CEO we-Rand Water iminyaka emihlanu.
9. IBhodi le-Inkomati-Usuthu Catchment Management Agency:
a. Nksz Tokozani Patience Nyakane-Maluka (uSihlalo);
b. Mnu Mandlakayise Sam Mthembu (iPhini LikaSihlalo);
c. Nksz Shivon Desiree Wiggins;
d. Adv Muzikayise Bernard Shabangu;
e. Dkt Thavamoney M Kelly;
f. Nksz Lungile Linda Carol Zulu;
g. Nksz Lungile Miranda Sikhakhane;
h. Nksz Mashudu Gangazhe; kanye
i. noNksz Pillay Absalom Tshabangu.
Imibuzo:
Nkz Phumla Williams - iBamba Lomqondisi-Jikelele (we-GCIS)
Iselula: 083 501 0139