Namuhla, ziyi-15 kuMbasa 2020, kubanjwe uMhlangano weKhabhinethi Okhethekile nge-inthanethi ukuze kuxoxisanwe ngohlelo lokutakula isimo senhlalomnotho emuva Kokuvalwa Kwezwe ngenxa ye-COVID-19.
Lokhu kuza emuva kwesimemezelo sikaMongameli Cyril Ramaphosa asenza emasontweni amabili adlule, sokuthi iKhabhinethi lizoxoxisana ngokugcwele ukuze kuqhanyukwe nohlelo lokutakula umnotho wezwe.
Kube nezethulo ezinhlanu ezivele kulezi zinhlaka: (1) Imikhakha Yezomnotho, Ezotshalomali, Ukuthuthukiswa Kwezokuqasha Nezengqalasizinda; (2) Ezokubusa, Amandla Okusebenza Kahulumeni kanye Nokuthuthukiswa Kwesikhungo; (3) Ukuvikelwa Komphakathi, Ukuthuthukiswa Komphakathi Nabantu; (4) Ezokubambisana Kwamazwe Ngamazwe, Ezohwebo Nezokuphepha; kanye (5) Nezobulungiswa, Ukuvimba Ubugebengu Nezokuphepha.
Izethulo zibonakalise umsebenzi owenziwe yizo zonke izinhlaka zeKhabhinethi, kugxilwe ekuvuselelweni komnotho wezwe emuva komonakalo odalwe i-COVID-19 ehlasele umhlaba wonke kanye nokwehliswa kwezinga lomnotho waseNingizimu Afrika ngama-ejensi i-Moody's ne-Fitch ngokwahlukana kwawo.
IKhabhinethi livumelane ngokuthi kusamele kube nezinye izingxoxo nokubonisana ngaphambi kokuba kugunyazwe uhlelo lokugcina oludidiyelwe bese ludluliselwe ezweni.
Zonke izinhlaka zeKhabhinethi zicelwe ukuba zibambisane ukuze kukhiqizwe umbhalo owodwa odidiyelwe oqondene nalokho okuseqhulwini ohlelweni lokutakula umnotho wezwe, okumele kube usuqediwe ngaphambi komhlangano weKhabhinethi olandelayo okuhlelwe ukuba ubanjwe ngoMsombuluko, zingama-20 kuMbasa 2020.
IKhabhinethi liphinde layalela uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Pravin Gordhan ukuba alungise umbiko obuyekeziwe oqondene nenkampani yezindiza yakuleli i-South African Airways, ozodingidwa emhlanganweni ozayo. Emuva kwalokho, iKhabhinethi lizoqedela uhlelo lokutakula umnotho wezwe.
IKhabhinethi libonga bonke abantu bakuleli ngokuhlala emakhaya ngalesi sikhathi sokuvalwa kwezwe.
Imibuzo: Nksz Phumla Williams, iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139